KUBUYE INHLANSI YETHEMBA BETHOLA AMATAYITELA NGOKUSEMTHETHWENI
Kuqhume umkikizo kujabula izakhamizi eziwu-35 zithola ngokusemthethweni amatayitela asemthethweni abagunyaza ukuba ngabanikazi bomhlaba abangakwazi ukuwusebenzisa baziphilise.
Namuhla uNgqongqoshe kazwelonke wezokuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uMnuz Mzwanele Nyhontso, ephelezelwa uMhlonishwa wesifundazwe iKwaZulu-Natal, wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa bahambele indawo yaseMajuba neZululand District ukuzonikezela ngamatayitela kumalunga omphakathi.
Lolu hlelo lungezinye zezinhlelo uhulumeni wobumbano ozama ngazo ukulungisa amaphutha enziwa ngesikhathi sobandlululo.
UNgqongqoshe Madlopha-Mthethwa, uthe kuyamthokozisa kakhulu ukuba yingxenye yohlelo olufana nalolu njengoba abantu abampisholo bethole ithuba lokuba ngabanikazi nomhlaba ngokusemthethweni. Eqhuba uMhlonishwa Madlopha-Mthethwa uthe isifiso sakhe esikhulu ukuthi abantu bonke asebethole umhlaba ngokusemthethweni bawusebenzise, kusuke ihlazo nechilo lokuthi abantu abamnyama umhlaba uyabahlula uma usubuyele kubona. Esephetha uthe abantu abangenantshisekelo noma indaba nomhlaba bangalokothi bawufune.
UNgqongqoshe Mzwanele Nyhontso, uthe ngemuva kokuthi abantu bathole imihlaba yabo ibuyele kubo okuzolandela ukuthola uxhaso olufanele ngamunye umnikazi womhlaka ukuze bakwazi ukuwusebenzisa ngendlela efanele. Uthi lento yokuthi abantu bakithi abakwazi ukuphatha umhlaba ngamampunge, njengoba lokhu kusuke kudalwa ukuthi ukwesekwa okufanele abakutholi abanikazi bemihlaba.
IMeya kaMasipala wesifunda Amajuba uMhlonishwa uMntwana Ndabuko Zulu, udlulise amazwi okuthokoza kubahlonishwa abahambele isifunda asiholayo ngenhloso yokuzama ukuthuthukisa abantu besifunda Amajuba.
Uthi ukubuya komhlaba ngokusemthethweni uze kubantu kuyisiqalo sezinto ezintsha neziningi eziseza kusona isifunda.
"Ukunikezelwa komhlaba okwenzeka namhlanje kuwubufakazi balowo mbono osufezeka, njengoba
sibona abahlonishwa bethu bethatha igxathu elibalulekile ekulungiseni amaphutha abaholi abangaphambili" kusho uMntwana Zulu.
Abahlonishwa abanye abekade beyingxeye yalombuthano uSomlomo kaMasipala Zululand, uMqondisi Omkhulu Wokwabiwa Kabusha Komhlaba kanye Nezinguquko Zezindawo Zokuhlala UMnu BA Zulu, IPhini likaMqondisi Jikelele: Ukwabiwa Kabusha Komhlaba kanye Nezinguquko Zezindawo Zokuhlala UMnu TS Ndove, Isekela Meya uKhansela Thembelihle Mthembu, Amakhosi kanye namakhansela akuMasipala Amajuba kanye nawase Newcastle.