POPI Act Notification

Amajuba District Municipality is committed to protecting your personal information in line with the Protection of Personal Information Act (POPIA). By continuing to use this site, you consent to the collection and use of your personal information for lawful purposes.

NEWS
HOME / NEWS / UHULUMENI WAKWAZULU NATAL KANYE NESIFUNDA AMAJUBA BATHATHE IZINYATHELO EZINQALA UKULWISANA NOBUGEBENGU
UHULUMENI WAKWAZULU NATAL KANYE NESIFUNDA AMAJUBA BATHATHE IZINYATHELO EZINQALA UKULWISANA NOBUGEBENGU
Emizamweni ebalulekile yokubhekana nezingqinamba ezikhulayo zodlame nokubulawa kwabesifazane phecelezi (GBV&F) KwaZulu-Natal, nokuzama ukugeza igama labelaphi beNdabuko nokulwisana nobugebengu obuhleliwe, uNdunankulu uThamsanqa Ntuli namhlanje ubambe ngempumelelo inkulumo mphendulwano ebalulekile nabaholi Bendabuko abavela kuzona zonke izifunda, izinhlaka zomthetho, kanye noMnyango Wezobulungiswa, Ukunqanda Ubugebengu kanye Nokuphepha. Le ngxoxo ibibanjelwe ngokubambisana noMasipala wesifunda Amajuba lapha ehholo lomphakathi Osizweni ngaphansi kuka wadi
11. Lengxoxo ibigxile kakhulu ekukhuzeni umkhuba wezinyanga mbumbulu ezinika izigilamkhuba imithi namabhande okuhlanganisa nezingane zesikole ukuze babalekele ukujezizwa. IMeya kaMasipala wesiFunda Amajuba, uKhansela Thembelihle Mthembu, ethula inkulumo yakhe yokuvula, ugcizelele ukubaluleka kokubambisana ekulungiseni lezi zinkinga zomphakathi. “Kumele sisebenzisane ukuze sakhe umphakathi ophephile novikelekile,” kusho uKhansela Mthembu. "Le ngxoxo iyisinyathelo esibalulekile ekufezeni lo mgomo, futhi nginesiqiniseko sokuthi izoletha imiphumela emihle." Kule ngqungquthela bekunemibono yongoti wezinyanga uDokotela Tshabalala okuwuyena onguSihlalo kusona isifunda Amajuba, uJenene Alexander ongumkhuzi wamaphoyisa kwisiFunda Amajuba, abavela kwabezeMvelo Wildlife kanye neNkosi uZwane, abaveze imibono yabo namava abo ekuxazululeni lezi zinkinga ezinzima. Ubuholi bukaNdunankulu uNtuli kulolu hlelo bukhombisa ukuzibophezela kwakhe ekutholeni izisombululo ezintsha ezinseleleni zomphakathi ezibhekene nesifundazwe. Ukubambisana phakathi kukahulumeni waKwaZulu-Natal kanye noMasipala Wesifunda Amajuba kuyisinyathelo esibalulekile ekwakheni umphakathi ophephile novikeleke kakhulu, kanye nokugqugquzela ukubumbana. Imizamo kahulumeni waKwaZulu-Natal yokulwa ne-GBV&F kanye nezigelekeqe iyaqhubeka, kanti lolu hlelo lukaNdunankulu uNtuli luyintuthuko enkulu kulo mkhankaso. Le ngxoxo iyisinyathelo esibalulekile ekuthuthukiseni ukuphepha komphakathi kanye nokugcina umthetho, futhi kulindeleke ukuthi ibe nomthelela omuhle ezimpilweni zezakhamizi esifundazweni.
Author: Amajuba District Municipality
published date: 2025-06-03